Bayanda Mzoneli for ANC Deputy President 2022
South Africa
bayanda@gmail.com

Kuningi okwenzakele onyakeni ka-2009. Enye yezinto eziqavile engike ngagxila kuzona kube ubukhona kobandlululo kubantu abahlukene. Ukucwasana ngokwebala nokucwasana ngokobulili ikona okuyaye kuthathe inxenye enkulu uma kukhulunywa ngobandlululo. Kepha kukhona nobandlululo ngokobuzwe, engizogxila kukhona kusiqephu sesibili salombhalo. Kulesiqephu ngifisa ukugxila kubandlululo lobulili.

Ngaphambi kokuba ngiqhubeke ngithanda ukukubeka kucace ukuthi angisisona isitabane okanye ungqingili. Kodwa nginabo abangani abayidlanzana abayizitabane.

Kuyihlazo ukuthi esikhathini samanje kusenabantu abangakwazi ukubekezelela ukwehluka kwemibono nabanye abantu. Esikhathini esiphambili kuke kwaba nokungabekezelelani ngokokholo, kodwa manje abantu abaningi sebeyakwemukela ukuthi kunezinkolo ezahlakene futhi abantu banelungelo lokulandela inkolo abayithandayo noma abacabanga ukuthi iyona ebasebenzelayo. Kodwa uma kuza kwezokuthandana kunabantu abangafuni ukwamukela ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuzikhethela.

Kunemindeni ekhulisa izingane eziziphethe kahle. Zifunde zize ziqede ibanga leshumi ngemiphumela emihle. Ingane ihambe iye esikhungweni semfundo ephakeme, ibuye nemiyezane yayo ngesikhathi esilingene umkhakha ebiwufundela. Ifune umsebenzi ize iwuthole. Isebenze. Ithenge imoto yayo. Ifake isandla nasekhaya lapho inamandla okusifaka khona. Kunele kungavela ukuthi ithanda abantu bobulili obufanayo nobayo kube sengathi ibulele umuntu. Empeleni izingane esizike zabulala umuntu zithola engcono impatho emindenini kunalezo okusono sazo ukuthanda umuntu onobulili obufanayo.

Kunabazali, izihlobo nabangani abangenankinga nokubekezelela izidakwa, oskhotheni, imidlwembe, amahlongandlebe, izifebe, abahedeni, otsotsi kanye namadlabha. Phezu kwakho konke lokho bayehluleka ukwamukela ukuthi umuntu unelungelo lokuzikhethela ubudlelwano abuthandayo. Abanye bavika ngenkolo, abanye bavika ngamasiko, bafuna noma ngabe yini engabasiza ukwenza inzondo yabo yezitabane ibukeke njengento elungile.

Iqiniso elimsulwa ukuthi ukucwasa izitabani kuwubuqaba. Okumangaza kakhulu ukuthi kunedlanzana lalabo abayizifundiswa okumele ngabe ibona abavikela umthethosisekelo wezwe kanye namalungelo abantu, kodwa abanye babo nabo bacwasa izitabani. Lokhu kucwasa akunabo ubulungiswa. Kuveza nokungavuthwa ngokomqondo kulabo abahluleka ukwamukela ukuthi abantu abafani.

Kusobala ukuthi ukusebenzisa inkolo namasiko kuwukucasha ngesithupha. Abantu kumele baphumele obala ngokungazi kwabo ukuze bafundiseke bebe sesimeni sokwamukela ukuphilisana nabantu abahlukile kubona. Yilokhu okuyisisombululo sokucwasana nanoma ngabe yiyiphi indlela. Ubudlelwano umuntu akhetha ukuba nabo akumenzi abe isilwane. Usengumuntu njengawo wonke omunye umuntu okhona, udinga inhlonipho emfanele.

Izitabani zikhona futhi zisazoqhubeka nokubakhona. Ezinye zizozifihla, ezinye zizophumela obala. Imizamo yokwenza sengathi into engekho ngeke isaphumelela. Ayikaze ibekhona imibiko yokuthi kukhona olinyazwe ubukhona bezitabane. Inzondo engenasidingo kumele iphele. Izingane nabangani kumele bathole uthando abaludingayo ngaso sonke isikhathi ngaphandle kokubandlululwa ngokobudlelwano. Asikho isidingo sokuthi umuntu osemusha, osengaba nekusasa eliqhakazile angagcina ezibulele ngenxa yokungamukelwa emndenini nakubangani.

Sengigoqa, ngifuna ukuveza ukuthi kunedlanzana lezitabani elenzela zonke izitabani igama elibi ngenxa yendlela abaziphatha ngayo. Njengabo bonke abanye abantu, ukuziphatha ngendlela eqotho kubalulekile nakuzo izitabani. Njengoba kungekuhle ukuthandwa ukubukwa uma ungesiso isitabani, kanjalo noma uyisitabani akukuhle ukuthanda ukubukwa. Kuzokwenza kube lula ukubekezelelana uma bengekho abaphoqa ukuthi mabanakwe ngisho kungenasidingo.

Isende impi yokulwa nobandlululo njengoba lusaqhubeka. Sonke sinenselelo yokuphosa esivivaneni ekwakheni ikusasa elingcono elinokubekezelelana nenhlalakahle. Nginesiqiniseko sokuthi ukukwazi ukuphilisana nabantu ngaphandle kokucwasa kukwenza ube umuntu ongcono.

NB: This article first appears on spoken.co.za on 29 December 2009 – https://spoken.co.za/bayanda/2009/12/29/isende-impi-yobandlululo-isiqephu-1/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Scroll to top